FREE OPTIONS

Inkundla Yabantu - Udlame Ngokobulili: Impamba Emphakathini WaseNingizimu Afrika

Wed Oct 2, 10:00 - Wed Oct 2, 15:00

Alhambra Room, The Playhouse

ABOUT

INKUNDLA YABANTU


Udlame ngokobulili: Impamba emphakathini waseNingizimu Afrika


Ukuqinisekisa ukuzibandakanya ngale kokhetho, sihlale sihlela iMibuthano Ye-Inkundla Yabantu sibambisene nabanngi abanentshisekelo yesikwenzayo. Imibuthano ayichemile futhi ayizibophezelu kunoma yiliphi iqembu lepolitiki noma uhlelomiqondo. Inhloso enkulu yale mibuthano ukwakha inkundla engavuni muntu ukuze kuboniswane nabanentshisekelo abaningi, kubandakanya abamele ohulumeni bendawo nohulumeni wesifundazwe, abamele amaphalamende, iSahluko 9, abaholi bomdabu, abeZinhlangano Ezingekho KuHulumeni (NGOs), abeZinhlangano Ezigxile Emiphakathini (NBOs), izifundiswa, osomabhizinisi nabezindaba ngokulekelelwa ongoti abaphambili. Imibuthanoibuye yakhe amathuba okuthuthukisa ukuqonda nokuseqhulwini ngokwabelana; ihlinzeke imiphoso nezincomo okwelulekayo ukuze abanentshisekelo bagxile futhi benze; ibuye ihlonze yeseke okuqaliwe okwethembisa amathuba okubambisana nakhulayo.


Inkundla Yabantu elandelayo iyobanjwa kanje:


Usuku: 02 kuMfumfu 2019


Isikhathi: 10 ekuseni


Indawo: Alhambra Room, The Playhouse, 321 Anton Lembede Street, Durban


Kumahhala. Bekisa indawo: [email protected] ngaphambi kuka 15:00, 01 kuMfumfu 2019

INKUNDLA YABANTU

Ukuqinisekisa ukuzibandakanya ngale kokhetho, sihlale sihlela iMibuthano Ye-Inkundla Yabantu sibambisene nabaningi abanentshisekelo yesikwenzayo. Imibuthano ayichemile futhi ayizibophezelu kunoma yiliphi iqembu lepolitiki noma uhlelomiqondo. Inhloso enkulu yale mibuthano ukwakha inkundla engavuni muntu ukuze kuboniswane nabanentshisekelo abaningi, kubandakanya abamele ohulumeni bendawo nohulumeni wesifundazwe, abamele amaphalamende, iSahluko 9, abaholi bomdabu, abeZinhlangano Ezingekho KuHulumeni (NGOs), abeZinhlangano Ezigxile Emiphakathini (CBOs), izifundiswa, osomabhizinisi nabezindaba ngokulekelelwa ongoti abaphambili. Imibuthano ibuye yakhe amathuba okuthuthukisa ukuqonda nokuseqhulwini ngokwabelana; ihlinzeke imiphoso nezincomo okwelulekayo ukuze abanentshisekelo bagxile futhi benze; ibuye ihlonze yeseke okuqaliwe okwethembisa amathuba okubambisana nakhulayo.

INkundla Yabantu elandelayo izobanjwa kanje:

Usuku: 02 kuMfumfu 2019
Isikhathi: 10 ekuseni
Indabwo: Alhambra Room, The Playhouse, 231 Anton Lembede Street, Durban
 

IPHEPHA ELIWUMQONDOSUKA

IPHEPHA ELIWUMQONDOMSUKA
 
Udlame Ngokobulili: Impamba Emphakathini WaseNingizimu Afrika
 
Inkinga yodlame ngokobulili ilokhu ihlaziywa yizifundiswa ezahlukene nabanye abaphawulayo. Lapho kusukelwa khona akufani, kukhona okusukela embangeleni kuye emtheleleni nalokho okwamazwekazi. Okubalulekile wukuthi inkinga yodlame ngokobulili iyinkinga yamazwe onke ehlala ikhathaza abaholi bamazwe. Isibonelo, kumanje, amaNgisi aphikisana ngesihlonipho esinikwa abesilisa ngabeseBukhosini okumanje kunogcobho mayelana nodlame ngokobulili. UMbiko WoMkhandlu Oluleka Ngokulingana iGender Equality Advisory Council (GEAC) iqaphele ukuthi kunamantombazane nabesimame abangaphezu kwezigidigidi ezi-2.5 emhlabeni wonke abaqhubulushwa imithetho ebandlululayo kanye nokungabi bikho kokuvikeleka ngokusemthethweni nokuhlukumezeka ngezindlela eziningi okuqhubekayo ngezizathu ezahlukene.  Ngalokho, sisenesikhala esiningi sezingxoxo ngodlame ngokobulili. Ngesikhathi izingxoxo kufanele zigxiliswe ebufakazini bocwaningo obubambekayo, kufanele futhi zibhekisise ekutholeni izixazululo kule nkinga.
 
Olunye udaba olusemqoka mayelana nodlame ngokobulili olumayelana nokuchazwa kwalo. Okwamanje, luchazwa ngezindlela eziningi ngabacwaningi nezinhlangano ezehlukene. Ngokujwayelekile kuyigama elisho udlame olwenzeka ngenxa yeqhaza elijwayelekile elilindelekile kubo bobubili ubulili kanye nokungalingani kobudlelwano bamandla emphakathini thizeni. Ukuchazwa okujwayelekile yilokho kwe-United Nations okuthi, “…noma yisiphi isenzeko esinomphumela ngokomzimba noma esingenza kube nomphumela ngokomzimba kulimaze owesifazane ngokocansi noma ngokwengqondo, kubandakanya nokusabisa ngaleso senzeko njengokuphoqa noma ukunqinda inkululeko empilweni phakathi kwabanye abantu noma ngasese …” Nokho udlame ngokobulili luchazwa ngodlame olubhekiswe kwabesifazane oluthintibeza amandla owesifazane ukuba athokozele amalungelo anqala esintu nenkululeko eqoshwe emithethwenisisekelo yamazwe ehlukene. Kuyisithiyo esisemqoka ekuzuzeni ukulingana, ukuthuthuka nokuthula. Kuthatha izimo ezehlukile njengodlame lwasekhaya, ukuhlukumezeka ngokomzimba, ukuhlukumezeka ngokomoya, ukuhlukumezeka ngokomnotho, ukuhlukumezeka ngokocansi nokubulawa kwabesifazane ngokobulili.
 
INingizimu Afrika nayo imdibi munye nalolu khondolo oluhlahlwe ngenhla. Ubufakazi bocwaningo buveza leli lizwe linenkinga enkulu ngodlame ngokobulili. Isibonelo, kubikwe ukuthi ngoNcwaba wezi-2019, cishe abantu abangama-30 babulewe ezweni ngenxa yodlame ngokobulili. Lokhu kwenze uMengameli wathi udlame ngokobulili buyinhlekelele yesizwe. NgokweStatistics South Africa, ukubulawa kwabesifazane eNingizimu Afrika kuphakeme ngokuphindwe kahlanu kunokuvamile emhlabeni jikelele. Lokhu kusho ukuthi eNingizimu Afrika, abesimame basengcupheni yokubulawa ngokuphindwe kahlanu ngenxa yodlame ngokobulili okwenziwa ngabesilisa. Ubufakazi bubuye bukhombise ukuthi izwe linezinga eliphezulu lokudlwengula emhlabeni. Imininingwane ngokwezibalo ikhombisa ukuthi abantu abangama-41% abadlwenguliwe ezweni yizingane, futhi bangama-4% kuphela abashushusiwe ngalokhu. Kuthi kunjalo ngalesi simo ngowezi-2012, iNingizimu Afrika yayibalwa ibe ngeyesine emhlabeni, ibe ngokuqala e-Afrika esithuthukile ngokulingana ngokobulili nangamalungelo abesifazane. Okunye, iNingizimu Afrika yaba ngeyesibili e-Afrika ilandela iRwanda mayelana ngokumeleleka kwabesifazane ePhalamende.
 
Lolu lwazi olungenhla ngodlame ngokobulili eNingizimu Afrika, kanye nezimpikiswano ezixhantelayo lukhombisa isidingo esiphuthumayo zokukhulumisana noma nezingxoxo kuzwelonke ngalolu daba. Yilokhu okuvukuze ukuba kuqale kuxoxiswane  ngenhloso yokuthola ukuqonda kangcono ngokulokhu kuqhubeka udlame ngokobulili kuleli lizwe. Lemukelwa ngokuphelele iqiniso lokuthi izifundiswa nabaphawulayo bazamile ukuchaza ukuthi isimo ngokuba bethule amathiyori achazayo. Lawa ngamathiyori angagxilile kuphela eNingizimu Afrika, kodwa azame ukuchaza ngesimo kuyo yonke i-Afrika besebenzisa indlelakwenza yomnotho wezepolitiki. Kwethenjwa ukuthi le ngxoxo izodudula yonke imigoqo ngokukhulu ubuhlakani.
 
Amaphuzu Engqikithi Kuxoxiswana
 
  • Okungaba yizixazululo zodlame ngokobulili.
  • Imithelela yodlame ngokobulili eNingizimu Afrika.
  • Isiko nodlame ngokobulili eNingizimu Afrika.
  • Uhlaka lomthetho olubhekela udlame ngokobulili.
  • Okuphathelene nensuka yodlame ngokobulili: ngale kwezincazelo ezijwayelekile.
 
  • Imiphumele Elindelekile
  • Ulwazi olunzulu ngobudlelwano phakathi kwesiko nodlame ngokobulili.
  • Ukuqonda kangcono imbangela eyizingxabo zodlame ngokobulili.
  • Ukuba nezwi eliphikisana nodlame ngokobulili.

IZIKHULUMI EZIQAVILE



U Nks Tamara Mathebula
USihlalo weKhomishana yezoBulili